Igatsha lezangaphandle lisebenzisana namanxusa alo kwamanye amazwe linikeza usizo lokuxhumana nokuthutha, nezeluleko kubomndeni wesakhamuzi sase South Africa esifele kwamanye amazwe.
Inxusa lase South Africa lizokwelekelela abomndeni ukuthola ukuthi kuzobiza malini ukuze bakwazi ukuthatha isinqumo esiyisona.
Uma usebenzisa abangqwabi kubalulekile ukuthi wazi ukuthi kuyakhokhwa.
Indlela izinto zenziwa ngayo iyashiyana kulizwe ngelizwe, loko kuzoxhaphazela ukushesha komsebenzi. Inxusa noma igatsha lezangaphandle lizokweluleka.
Uma isidumbu sibuyiswa, kunemithetho iqinile mayelana nezokwethutha ezifunwa yigatsha lezempilo.
Abomndeni bangazikhethela ukusishisa isidumbu besebebuyisa umlotha.
Umngqabi kulelozwe angawenza lomsebenzi. Inxusa lase South Africa kulelozwe lingabekhona uma kushiswa isidumbu uma abomndeni befuna ufakazi kanti bona abaphumeleli ukuba khona.
Abomndeni bangazikhethela ukuthi bamngqwabele kulelozwe umufi.
Uma abomndeni womufi bengatholakali noma bengenayo imali yokwenza loku okungaphezulu kungacelwa ukuthi umufi angqwatshwe njengomfokazana.
Iziphathimandla zalelozwe zinikeze abomndeni ulwazi lokuthi ungqwatshwe kuphi owakubo.
Uma usuthethe isinqumo ngendlela oyifunayo, sayina isitetimende esifungelwayo usithumele ehhovisi lomqondisi omkhulu: inxenye yamanxusa egatsheni lezamgaphandle.
Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.
Ayidingeki iphomedi uma ubuyisela akhaya umlotha wesidumbu asishisiwe.
Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.
Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukungqwatshwa noma ukumbhiwa kwesidumbu iyafuneka. Noma imvume ivele kuziphathimandla zendawo njengomphathi wamathuna, umasipala wendawo noma bezempilo.
Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukumbhiwa kwesidumbu iyafuneka.
Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.
Amafomu okumele agcwaliswe akunamafomu agcwaliswayo.
